Ungafihli ubuso bakho kimi , ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela ; wena ulusizo lwami , ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.
Israyeli, themba kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
O wena ndlu ka -Aroni, themba kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
Nina enimesabayo uJehova thembani kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.