Skip to Content

"ulwandle"

66 occurrences in ZUL

Okomileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba , nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle ; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke , waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.

UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle , ulwandle lwabu yela endaweni yalo ngokufika kokusa ; abaseGibithe balubalekela ; uJehova wabathuntuthela abaseGibithe phakathi kolwandle.

Waphephetha ngomoya wakho , ulwandle lwabasibekela ; baminzisa okomthofu emanzini anamandla.

ne-Araba futhi, neJordani elingumkhawulo, kusukela eKinereti kuze kube seLwandle lwase -Araba, uLwandle Lukasawoti , phansi kwemithambeka yasePisiga ngasempumalanga.

Futhi awuphesheya kolwandle ukuba uthi : Ngubani oyakusiwelela ulwandle, asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?

ayesema amanzi avela ngenhla , afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani ; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela ; abantu base bewela maqondana neJeriko.

ne-Araba kuze kufike elwandle lwaseKinereti ngasempumalanga , kuze kube seLwandle lwase -Araba, uLwandle Lukasawoti, ngasempumalanga endleleni eya eBeti Jeshimoti nangaseningizimu ngaphansi kwemithambeka yasePisiga;

okwaseningizimu kwakungokuka -Efrayimi, okwasenyakatho kwakungokukaManase, ulwandle lwalungumkhawulo wakhe ; bafinyelela kwa-Asheri ngasenyakatho nakwa-Isakare ngasempumalanga.

Lapho bekhala kuJehova , wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibithe, waluhambisa ulwandle phezu kwabo , wabasibekela; amehlo enu abona engakwenzayo eGibithe; nahlala ehlane izinsuku eziningi.

Phansi kodini lwalo nxazonke kwakukhona izintangazane ezaluzungezayo izingalo eziyishumi , zizungeza ulwandle nxazonke ; izintangazane zazisezinhleni ezimbili, zibunjiwe ekubunjweni kwalo.

Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili , ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezintathu zibheke ngasentshonalanga , ezintathu zibheke ngaseningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene.

Wazibeka izinqe eziyisihlanu ngaseceleni lokunene lendlu neziyisihlanu ngaseceleni lasokhohlo lendlu ; walubeka ulwandle ngaseceleni lokunene lendlu ngasempumalanga yangaseningizimu.

UHiramu wathuma ngale mikhumbi izinceku zakhe , amadoda emikhumbi ayelwazi ulwandle, kanye nezinceku zikaSolomoni.

Inkosi u -Ahazi yanquma izindini zezinqe , yasusa kuzo umcengezi wokugeza, yehlisa ulwandle ezinkabini zethusi ezaziphansi kwawo , yawubeka endaweni egandayiwe ngamatshe.

Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo , amasimu ename nakho konke okukuwo.

EThibahati naseKhuni imizi kaHadarezeri, uDavide wathatha ithusi eliningi kakhulu uSolomoni enza ngalo ulwandle lwethusi, nezinsika nezitsha zethusi.

Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili , ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezintathu zibheke ngasentshonalanga , ezintathu zibheke ngaseningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene.

Wenza imicengezi eyishumi , wabeka eyisihlanu ngakwesokunene neyisihlanu ngakwesokhohlo ukuhla mbela kuyo ; okweminikelo yokushiswa babekugezela kuyo, kepha ulwandle lwalungolokuhlambela abapristi.

Walubeka ulwandle ngakwesokunene ngasempumalanga yangaseningizimu.

UHiramu wathuma kuye ngezandla zezinceku zakhe imikhumnbi nezinceku ezazilwazi ulwandle ; zafika nezinceku zikaSolomoni e -Ofiri, zalanda khona amatalenta angamakhulu amane namashumi ayisihlanu egolide , zawayisa enkosini uSolomoni.

Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo , badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo ; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla.

Utwa luthi: Akukho kimi; ulwandle luthi: Akukho kimi.

Ngubani owavalela ulwandle ngezicabha , lapha lwabhoboka kungathi lwaphuma esiswini,

Wenza inzulu ibile njengekhanzi ; wenza ulwandle lufane nomfuma wamafutha.

Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo ; bawela umfula nge zinyawo; lapho sathokoza kuye.

Yonke imifula iyangena elwandle , kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo.

Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho, wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.

Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa; wamisa amanzi njengodonga.

Wabahola kahle, abaze besaba; kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo.

Ulwandle ngolwakhe , walwenza; nomhlabathi owomileyo izandla zakhe zawubumba.

Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.

Maludume ulwandle nokugcwala kwalo, izwe nabakhileyo kulo.

Nantu ulwandle , lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu.

Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe , abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa ; bahlubuka ngaselwandle , uLwandle Olubomvu.

Wakhuza uLwandle Olubomvu , lwasha; wabaholela ekujuleni njengasehlane.

Ulwandle lwakubona, lwabaleka, iJordani labuyiselwa emuva.

owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu , ngokuba umusa wakhe umi phakade;

lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba,

Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele , ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.

Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunil e kanye nomvini waseSibima ; amakhosi ezizwe achithil e amagatsha awo ; afinyelela naseJazeri , edukela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.

Yiba namahloni wena Sidoni , ngokuba lukhulumile ulwandle , inqaba yolwandle, ngokuthi: Angibanga namihelo , angizalanga, angikhulisanga izinsizwa, angondlanga izintombi.

Ngalokho ekufikeni kwam i kwaba ngani ukuba kungabikho muntu , nasekubizeni kungabikho ophendulayo , na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na ? Noma angisenamandla okophula na ? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle , ngenze imifula ibe yihlane ; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.

Akusuwe owomisa ulwandle, amanzi asotweni olujulileyo, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela yokuba kuwele abahlengiweyo, na?

NginguJehova uNkulunkulu wakh o ovusa ulwandle , ukuze amaza alo ahlokome; nguJehova Sebawoti igama lakhe.

Usho kanje uJehova obeka ilanga libe ngukukhanya emini , nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zokuba zibe ngukukhanya ebusuku, ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo, ogama lakhe linguJehova Sebawoti, uthi:

Ngiyakukhalela wena mvini waseSibima kunokukhala kukaJazeri ; amagatsha akho adlulile ulwandle , afinyelela elwandle lwakwaJazeri ; umchithi uthelekele phezu kwezithelo zenu namavini enu.

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakumela indaba yakho , ngikuphindisele, ngishise ulwandle lwalo, ngomise umthombo walo.

Ulwandle lukhuphukele iBabele, lisibekelwe ngamaza alo ahlokomayo.

Wathi kubo : NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova , uNkulunkulu wasezulwini, owenzile ulwandle nomhlabathi owomileyo.

Base bethi kuye : Siyakwenze njani kuwe , ukuze ulwandle luthule kithina , ngokuba ulwandle luyaqhubeka lube nesivunguvungu.

Wathi kubo : Ngiphakamiseni, ningiphonse elwandle, bese luthula kini ulwandle, ngokuba ngiyazi ukuthi lesi siphepho esikhulu siphezu kwenu ngenxa yami.

Kepha amadoda agwedla ukuba abuyele emhlabathini , kepha ahluleka , ngokuba ulwandle lwaqhubeka lwaba nesiphepho kuwo.

Amphakamisa uJona , amphonsa elwandle ; ulwandle lwase lupheza ukufutha.

Uyakhuza ulwandle , alomise, ashise nemifula yonke ; iBashani liyawuma kanye neKarmeli, nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.

Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.

UJehova uyathukuthelela imifula na ? Ulaka lwakho luvuthela imifula , nentukuthelo yakho ulwandle , lokhu ukhwele amahhashi akho , nezinqola zakho zokunqoba, na?

Unyathela ulwandle ngamahhashi akho, inqaba yamanzi amaningi.

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite lilinye , lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!

Wayesevuka, wakhuza umoya , wathi kulo ulwandle : Thula, uthi du . Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu.

bangena emkhunjini , bawela ulwandle beya eKapernawume . Kwase kuhlwile, uJesu wayengakafiki kubo.

Kwavunguza umoya omkhulu, lwavuka ulwandle.

Sesidabulile ulwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya safika eMira laseLikhiya.

Ngokuba angithandi , bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle;

Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo, okwathi abaseGibithe bekulinga lokho, baminza.

Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene no mlilo, nabavela ekunqobeni isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngaselwandle lwengilazi, benamahabhu kaNkulunkulu.