"umakhelwane"
51 occurrences in ZUL
Ngezindaba zonke zamacala , eyenkabi, neyembongolo, neyemvu, neyengubo, neyento elahlekileyo , umuntu asho ngayo ukuthi ngeyakhe , indaba yabo bobabili iyakuza phambi kukaNkulunkulu ; olahlwa nguNkulunkulu uyakumkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.
Wayesethi kuwo: Usho njalo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Akube yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu, aye emuva , aye phambili , kusukela kwelinye isango kuze kube kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo , nalowo umngane wakhe , nalowo umakhelwane wakhe.
Uma umuntu ona , enze isiphambeko kuJehova , akhohlise umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo , noma isibambiso noma into ephangiweyo , noma ecindezela umakhelwane wakhe,
Ungamcindezeli umakhelwane wakho , ungamphangi; inkokhelo yomqashwa ayiyikuhlala kuwe ubusuku bonke kuze kuse.
Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni ; ungakhethi ubuso bompofu , ungavuni ubuso bomkhulu , kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.
Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho ; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.
Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho , kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.
ukuba umbulali abalekele khona , obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi , wothi aphile uma ebalekela komunye waleyo mizi:
Nansi indlela yoyekelo: Yilowo nalowo otshelekileyo uyakuyekela lokho akutshelekile umakhelwane wakhe ; akayikukubiza kumakhelwane wakhe nakumfowabo, ngokuba uyekelo lukaJehova lumenyezelwe.
Nansi indaba yombulali oyakubalekela khona aze aphile : yilowo nalowo obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi,
njengomuntu oya ehlathini nomakhelwane wakhe ukugawula imithi, isandla sakhe bese sigalela ngezembe ukunquma umuthi , insimbi iphunyuke emphinini, imshaye umakhelwane wakhe aze afe , lowo uyakubalekela komunye wale mizi aze aphile,
Kepha uma umuntu emzonda umakhelwane wakhe , emqamekela, amvukele, amshaye aze afe, abalekele komunye wale mizi,
ungenzi lutho kuyo intombi , ngokuba asikho entombini isono esifanele ukufa, lokhu le ndaba injengokuba umuntu evukela umakhelwane wakhe , ambulale,
Uma umphindiseli wegazi emxosha , awayikumnikela umbulali esandleni sakhe, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe kungengamabomu ebekade engamzondi.
Lokhu kwakunje ngokuhlenga nokwenana endulo kwa -Israyeli ukuba kuqiniswe izindaba zonke : umuntu wakhumula isicathulo sakhe , wasinika umakhelwane wakhe; lokho kwakungubufakazi kwa-Israyeli.
UJehova wenzile ngokwakhe, njengalokho akhuluma ngami : uJehova ukwaphucile umbuso esandleni sakho , wawunika umakhelwane wakho uDavide.
Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho, ngithathe abafazi bakho phambi kwamehlo akho , ngibanike umakhelwane wakho, alale nabafazi bakho ekukhanyeni kwaleli langa.
Ungasheshi ukuphuma ukuyophikisan a ukuba ungazi ukuthi uyakwenze njani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho ekuhlazisile.
Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo , ungangeni endl ini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho ; ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude.
Uma umuntu ona umakhelwane wakhe , athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu,
Uma umuntu ona umakhelwane wakhe , athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu,
Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda ; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.
Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.
Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bakhubeke kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe kanye nomngane wakhe.
Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe , ningethembi nakumfowenu, ngokuba abafowenu bonke bayaqinela , nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.
Yilowo nalowo uyakh ohlisa umakhelwane wakhe , abakhulumi iqiniso ; bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga , bazikhathaza ngokwenza okubi.
Yebo, zwanini izwi likaJehov a nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe , nifundise amadodakazi enu ukukhala , kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.
Wo koyakha indlu yakhe ngokungalungi , namakamelo akhe ngokungafanele, osebenzisa umakhelwane wakhe engamholeli , angamniki lutho ngomsebenzi wakhe,
abasayikufundisana, kube yilowo na lowo umakhelwane wakhe , kube yilowo nalowo umfowabo , ngokuthi: Yazi uJehova , ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo , usho uJehova , ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.
futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke , nangengqondo yonke , nangamandla onke , nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.
Ngokuba lokhu ukuthi : Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi, noma ukhona omunye umyalelo , kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi : Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye l okuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.