Amadodana kaManase : kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri ; uMakiri wazala uGileyadi; kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.
UMose wanika uMakiri indodana kaManase elakwaGileyadi, wahlala kulo.
Ngamnika uMakiri elakwaGileyadi.
Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase , ngokuba wayeyizibulo likaJosefa . UMakiri-ke, izibulo likaMa nase, uyise kaGileyadi , wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi.
Amadodana kaManase : ngu-Asiriyeli owamzalelayo umkakhe ; isancinza sakhe umAramukazi sazala uMakiri uyise kaGileyadi.
UMakiri wathathela oHuphimi noShuphimi abafazi ; igama likadadewabo lalinguMahakha. Igama lowesibili lalinguSelofehadi ; uSelofehadi wayenamadodakazi.