u-Isaka wayeneminyaka engamas humi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.
U-Isaka wayesemmukisa uJakobe , waya ePhadani Aramu kuye uLabani indodana kaBe tuweli umAramu , umfowabo kaRebeka unina kaJakobe no- Esawu.
UJakobe wamnyenyela uLabani umAramu engamtshelanga ukuthi uyabaleka.
UNkulunkulu wez a kuLabani umAramu ephusheni ebusuku , wathi kuye : Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.