Kepha uMarta ekhathazekile ukusebenza okuningi waya kuye, wathi: Nkosi, awukhathaleli ukuthi udadewethu ungishiyile , ngisebenze ngedwa, na? Ngakho yisho kuye ukuba angisize.
Kwakukhona othile ogulayo , uLazaru waseBethaniya umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta.
Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza , waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini.
Wayesethi uMarta kuJesu : Nkosi, uma ubukhona , umnewethu nga engafanga;
UMarta wathi kuye : Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.
Kepha uJesu wayengakafiki emzini , kodwa wayesekuleyo ndawo uMarta amhlangabeza kuyo.
Wathi uJesu: Susani itshe. UMarta, udadewabo wofileyo, wathi kuye: Nkosi, usenuka; ngokuba sezizine.
Base bemenzela ukudla khona ; uMarta wayephaka , kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye.