"umbiko"
17 occurrences in ZUL
Base belandisa abantwana bakwa -Israyeli umbiko omubi ngezwe ababelihlolile, bathi: Izwe esilidabulile ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; bonke abantu esababona kulo bangabantu abajaheleyo.
Nalawo madoda athunywa nguMose ukuhlola izwe , abuya akhononisa yonke inhlangano ngaye ngokuletha umbiko omubi ngezwe,
Owaletha umbiko waphendula wathi : U-Israyeli ubalekile phambi kwamaFilisti; kwakukhona ukubulawa okukhulu phakathi kwabantu ; amadodana akho omabili oHofini noFinehasi afile , nomphongolo kaNkulunkulu uthathiwe. Ukufa kuka-Eli. U-Ikabodi
Umalokazana wakhe , umkaFinehasi, wayekhulelwe esezakubeletha ; esezwile umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi kufile uyisezala nomyeni wakhe , wakhonkobala, wabeletha, ngokuba wafikelwa yimihelo.
Umlindi wayesebona omunye umuntu egijima ; umlindi wabiza umlindisango, wathi: Bheka, omunye umuntu ugijima eyedwa . Inkosi yathi: Naye uletha umbiko.
Umlindi wayesethi : Ngibona kungathi ukugijima kowokuqala kunjengokugijima kuka -Ahimahasi indodana kaSadoki . Yathi inkosi : Ngumuntu omuhle yena; uletha umbiko omuhle.
Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe -- wayemlandele u - Adoniya noma engamlandelanga u -Abisalomu uJowabe -- wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.
UShafani umbhali waya enkosini, waletha umbiko enkosini, wathi: Izinceku zakho zithululile imali eyafunyanwa endlini , zayibeka esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova.
Ngubani ayakumfundisa ukwazi , aqondise bani umbiko , na? Yibo abalunyuliweyo obisini, basuswa emabeleni, na?
Njalo lapho sidabula, siyakunibamba, ngokuba siyakudabula ukusa ngokusa imini nobusuku, kube ngukwesaba kuphela, lapho umbiko uqondwa.
Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo , ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo , nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami , zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.
Izinhliziyo zenu mazingadangali , ningesabi imibiko ezwakalayo ezw eni, lapho kufika umbiko othile ngomunye umnyaka , bese kufika emva kwawo omunye ngomnyaka olandelayo , kube ngubudlova ezweni , umbusi avukele umbusi.
Ingozi iyakwelanywa yingozi , umbiko ulandele umbiko ; bayakufuna umbono womprofethi , kepha umthetho uyakuphela kumpristi nesiluleko kuwo amalunga.