Skip to Content

"umboni"

15 occurrences in ZUL

Endulo kwa -Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu , washo wathi: Woza siye kumboni ; ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.

Besakhuphuka ummango womuzi bafumana amantombazana eyakukha amanzi; bathi kuwo: Umboni ukhona na?

Wathi ukuba uDavide avuke ekuseni, kwafika izwi likaJehova kumprofethi uGadi umboni kaDavide lokuthi:

Bonke labo ababekhethiwe ukuba babe ngabalindisango babe ngamakhulu amabili neshumi nambili . Babhalwa ngezizukulwane emizaneni yabo , bamiswa ngoDavide noSamuweli umboni ezikhundleni zabo.

UJehova wayesekhuluma kuGadi, umboni kaDavide, ethi:

bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenk osi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe ; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.

kanye nakho konke uSamuweli umboni , noSawule indodana kaKishi , no- Abineri indodana kaNeri , noJowabe indodana kaS eruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile , kwaba phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.

Izenzo zikaDavide inkosi , ezokuqala nezokugcina , bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni , nasencwadini yezindaba zikaNathani umprofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni,

Ezinye izindaba zikaSolomoni , ezokuqala nezokugcina , angithi zilotshiwe ezindabeni zikaNathani umprofethi, nasesiprofethweni sika-Ahiya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobowamu indodana kaNebati na?

Izindaba zikaRehobowamu , ezokuqala nezokugcina , angithi zilotshiwe ezindabeni zikaShemaya umprofethi nezika -Ido umboni , zibhalwe ngezizukulwane, na? Kwakukhona njalo ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu.

Ngaleso sikhathi kwe za uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: Ngokuba wencike enkosini yase -Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho , ngalokho impi yenkosi yase -Aramu iphunyukile esandleni sakho.

UJehu, indodana kaHanani umboni , waphuma ukumhlangabeza , wathi enkosini uJehoshafati: Usiza yini ababi , uthanda abamzondayo uJehova na ? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.

Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali , nezingubhu, namahabu njengesiyalezo sika Davide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani ump rofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe.

UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni . Badumisa ngokuthokoza , bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.

Abahlabeleli, amadodana ka -Asafa, babe sendaweni yabo njengokwesiyalezo sikaDavide , no-Asafa, noHemani, noJeduthuni umboni wenkosi; abalindisango babengasesangweni; kwakungadingeki ukuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo amaLevi babalungisela.