Skip to Content

"umcengezi"

11 occurrences in ZUL

Uyakwenza umcengezi wethusi , nesinqe sawo sethusi , ukuba kugezelwe kuwo, uwubeke phakathi kwetend e lokuhlangana ne -altare, uthele amanzi kuwo.

Wawenza umcengezi weth usi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane abahlangana ukuyokhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana. Igceke

Ubeke umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.

Ugcobe umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise.

Wabeka umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne -altare, wathela kuwo amanzi okugeza.

Wothabatha umcengezi womlilo ogcwele amalahle omlilo ase -altare phambi kukaJehova , izandla zakhe zigcwele impepho ethaphukayo icolisisiwe, akulethe ngaphakathi kwesihenqo,

thabathani, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo , nibeke impepho kuyo, nilethe phambi kukaJehova kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, imicengezi yomlilo engamakhulu amabili namashumi ayisihlanu , nawe futhi no-Aroni, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe.

Base bethatha , kwaba yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo , bafaka kuyo umlilo , babeka impepho ngaphezulu , bema ngasemnyango wetende lokuhlangana kanye noMose no-Aroni.

UMose wathi ku -Aroni: Thatha umcengezi wakho womlilo , ubeke kuwo umlilo wase -altare, ufake impepho ngaph ezulu, ukuyise masinyane kuyo inhlangano, uyenzele ukubuyisana, ngokuba kuphume intukuthelo kuJehova; isifo sesiqalile.

Wenza imicengezi eyishumi ngethusi ; umcengezi munye wawulingene namabhati angamashumi amane ; yilowo nalowo mcengezi wawuyizingalo ezine, naphezu kwezinqe eziyishumi ngazinye kwakukhona umcengezi munye.

Inkosi u -Ahazi yanquma izindini zezinqe , yasusa kuzo umcengezi wokugeza, yehlisa ulwandle ezinkabini zethusi ezaziphansi kwawo , yawubeka endaweni egandayiwe ngamatshe.