Skip to Content

"umfana"

38 occurrences in ZUL

Vuka uphakamise umfana , umbambe ngesandla sakho , ngokuba ngiyakumenza isizwe esikhulu.

UNkulunkulu wavula amehlo akhe , wabona umthombo wamanzi , waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.

UNkulunkulu wayenaye umfana; wakhula, wahlala ehlane, waba ngophethe umnsalo.

URubeni wabaphendula w athi: Angikhulumanga yini kini ukuthi : Ningamoni umfana, kanangilalela, na? Bhekani, ngalokho seliyabizwa igazi lakhe.

UJuda wathi ku -Israyeli uyise : Thuma umfana nami , size sisuke , sihambe ukuba siphile, singafi, thina nawe kanye nezingane zethu.

Sathi enkosini: Umfana akanakumshiya uyise; uma emshiya, uyise uzakufa.

Kalokhu nxa ngifika encekwini yakho ubaba , umfana engenathi , lokhu inhliziyo yakhe ibambelele enhliziyweni yomfana,

kuzakuthi lapho ebona ukuthi umfana akakho , afe, izinceku zakho zibe zehlisela endaweni yabafileyo izimvi zenceku yakho ubaba ngosizi.

Ngalokho inceku yakho ake ihlale esikhundleni somfana , ibe yisigqila senkosi, umfana akhuphuke nabafowabo.

Ngokuba ngingakhuphukela kanjani kubaba , umfana engenami , funa ngibone okubi okuzakumehlela ubaba, na?

Engasenakuyithukusa wayithathela ibhokisi lebungu , walihuqa ngebitume nangekolitayi, wamfaka umfana kulo , walibeka emhlangeni ngasogwini lomfula.

Umfana wakhula, wayiswa kuyo indodakazi kaFaro, waba yindodana yayo. Yamqamba igama lokuthi uMose, ithi: Ngokuba ngamkhipha emanzini. Ukubaleka kukaMose

Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: Uma owesifazane ekhulelwa, azale umfana, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikho mbisa; njengasemihleni yokungcola ngefindo lakhe wohlala engcolile.

yena anikele ngakho phamb i kukaJehova , amenzele ukubuyisana , aze ahlambuluke emthonjeni wegazi lakhe . Yilowo umthetho wozalayo umfana noma intombazana.

Wayesethi kuJetheri izibulo lakhe: Suka ubabulale . Kepha umfana kahoshanga inkemba yakhe, ngokuba wesaba lokhu engumfana.

Bheka, ngiyakuthuma umfana ngokuthi : Hamba ufune imicibisholo . Uma ngithi kumfana: Bheka, imicibisholo inganeno kwakho, yithathe, woza wena, ngokuba ungaba nokuthula, akukho lutho, kuphila kukaJehova.

Kwathi ekuseni uJonathani waphuma , waya endle ngesikhathi abasimisile noDavide, umfana omncane enaye.

Wathi kumfana wakhe : Gijima, ufune imicibisholo engiyicibishelayo . Esagijima umfana, wacibishela umcibisholo ngaphambi kwakhe.

Umfana esefikile endaweni yomcibisholo uJonathani ayicibisheleyo , uJonathani wamemeza emva komfana , wathi: Umcibisholo awungaphambi kwakho na?

UJonathani wamemeza emva komfana , wathi: Shesha, ukhawuleze, ungemi. Umfana kaJonathani waqoqa imicibisholo, wafika enkosini yakhe.

Kepha umfana wayengazi lutho ; oJonathani noDavide kuphela babeyazi le ndaba.

UJonathani wanika umfana wakhe izikhali zakhe , wathi kuye : Hamba, uziyise emzini.

Esehambile umfana , uDavide wavuka ngaseningizimu , wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.

Inkosi yayisithi kuJowabe: Bheka-ke, yenza lokhu: hamba ubuyise umfana u-Abisalomu.

Kepha umfana wababona, wamtshela u-Abisalomu; base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona.

Umfana walo wesifazane wafa ebusuku, ngokuba walala phezu kwakhe.

Wavuka phakathi kwamabili , wathatha umfana wami eceleni kwami , incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.

Lapho sengivuka ekuseni ukuba ngimncelise umfana wami , bheka, wayesefile; kepha sengimbhekisisa ekuseni , bheka, kwakungesiye umfana wami engimzeleyo.

Kwathi umfana esekhulile , waphuma ngelinye ilanga , waya kuyise kubavuni.

Kungcono umfana ompofu ohlakaniphileyo kunenkosi egugileyo eyisiwula , engasakwazi ukuxwayiswa,

Zenza inkatho ngabantu bami , zanika umfana ngesifebe, zathengisa ngentombazana ngenxa yewayini, zaliphuza.

Nkosi, umfana wami ulele endlini , ufe uhlangothi , ukhwelwe kakhulu ngubuhlungu.

Induna yekhulu yaphendula yathi : Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami, kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda.

UJesu wayesethi enduneni yekhulu: Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho. Umfana wasinda ngaso leso sikhathi. Umkhwekazi kaPetru nabanye abagulayo bayaphulukiswa (Mark. 1:23; Luk. 4:31)

UJesu wayeseyikhuza , idemoni laphuma kuyo ; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.

Kuthe iseza , idemoni layiwisa phansi , layihlukumeza kakhulu ; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise.

Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhal i eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?

Base bemletha umfana ephilile, baduduzeka kakhulu.