Skip to Content

"umfowenu"

54 occurrences in ZUL

Wayesethi uJehova kuKayini : Uphi umfowenu u -Abela na ? Wathi: Angazi; ngingumlindi womfowethu na?

Kwathi emva kwalokho kwabikwa ku -Abrahama ukuthi : Bheka, naye uMilka umzalele uNahori umfowenu abantwana:

Wayesethi: Umfowenu ufike ngenkohliso, wathatha isibusiso sakho.

Uyakuphila ngenkemba yakho , umkhonze umfowenu ; kuyakuthi lapho udlubulunda, uhluzule ijoka lakhe entanyeni yakho.

UNkulunkulu wathi kuJakobe : Suka ukhuphukele eBethele , uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i -altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.

UJuda wathi ku -Onani: Yiya kumkamfowenu , umngene, umvusele umfowenu inzalo.

Niyakuvivinywa ngalokhu, kuphila kukaFaro, aniyikumuka lapha, kuphela uma umfowenu omncane efika lapha.

Thumani omunye wenu , amlande umfowenu ; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini ; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.

nilethe umfowenu omncan e kimi , kuqiniswe amazwi enu , nize ningafi . Benze njalo.

nilethe kimi umfowenu omncane ; yikhona ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli kepha ningabaqotho, ngininike umfowenu, nihambe izwe.

UJuda wakhuluma kuye , wathi: Lowo muntu wagoma nokugoma kithina , wathi: Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani.

kepha uma ungamthumi , asizukwehla, ngokuba lowo muntu wathi kithina : Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani.

Wayesethi u-Israyeli: Ningenzeleni okubi ngokumtshela lowo muntu ukuthi ukhona omunye umfowenu na?

Bathi: Wabuza nokubuza lowo muntu ngathi nangezihlobo zethu , wathi: Usekhona uyihlo na ? Ninomunye umfowenu na ? Samlandisa njengalawa mazwi; sasingakwazi kanjani ukuba uyakuthi: Yehlisani umfowenu, na?

Nithathe futhi umfowenu, nisuke nibuyele kulowo muntu.

UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowo muntu , ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini ; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa.

Wathi wena ezincekwini zakho : U ma umfowenu omncane engehli nani , anisayikubuye nibone ubuso bami.

UJosefa wayesethi kubafowabo : Ake nisondele kimi . Basondela-ke. Wayesethi: NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe.

Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose ; wathi: Akakho umfowenu u- Aroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena . Futhi bheka , uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona , uyakuthokoza enhliziyweni yakhe.

UJehova wathi kuMose: Bheka, ngikwenze ube njengonkulunkulu kuFaro ; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumprofethi wakho.

Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho ; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa -Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

Sondeza kuwe u -Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o- Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni.

Umenzele u -Aroni umfowenu izambatho ezingcwele , ezobukhosi nezokuhlobisa.

Yilezi izambatho abayakuzenza : isihlangu sesifuba , nengubo yamahlombe , nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande, bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

Wembathise zona u -Aroni umfowenu namadodana akhe , ubagcobe, ubahlukanisele, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

UJehova wathi kuMose : Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo , ukuze angafi , ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.

Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho ; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.

Uma umfowenu eba mpofu , athengise ngefa lakhe , kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo.

Uma umfowenu eba mpofu, engenamandla okukukhokhela, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobeleyo.

Ungathathi kuye inzalo engafanele nenzuzo , kepha wesabe uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.

Uma umfowenu eba mpofu ekuwe , azithengise kuwe, awuyikumsebenzisa njengesigqila,

Uma umfokazi noma ogogobeleyo kuwe eba ngocebileyo , umfowenu abe mpofu kuye , azithengise kumfokazi noma kogogobeleyo kuwe noma kowohlanga lwabomndeni wabafokazi,

Thabatha intonga , ubuthe inhlangano , wena no -Aroni umfowenu , nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo ; uyakubavezela amanzi edwaleni , ukuze unike inh langano nezinkomo zayo ukuphuza.

UMose wathuma izithunywa enkosini yakwa -Edomi, zisuka eKadeshi , wathi: Usho kanje umfowenu u-Israyeli: Uyazazi zonke izinkathazo ezisehlele

Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho , noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo , wena nawoyihlo,

Uma kukhona kuwe ompofu , omunye wabafowenu , phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho , ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho,

Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni ; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi : Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho , abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.

Uma umfowenu , umHeberu noma umHeberukazi , ethengiswa kuwe , akukhonze iminyaka eyisithupha , ngomnyaka wesikhombisa uyakumyekela ukuba ahambe.

uyakumbeka nokumbeka abe yinkosi phezu kwakho yena uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha ; uyakubeka omunye wabafowenu inkosi phezu kwakho, ungabeki phezu kwakho owezizwe, ongesiye umfowenu.

Uma umfowenu engeseduze nawe noma ung amazi, woziyisa endlini yakho zibe nawe, aze azifune umfowenu, uzibuyisele kuye.

Awuyikutsheleka umfowenu ngenzalo , inzalo yemali , nenzalo yokudla , nenzalo yento etshelekwa ngenzalo.

Umfokazi ungamtsheleka ngenzalo , kepha umfowenu awuyikumtsheleka ngenzalo ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka isandla sakho kukho ezweni ongena kulo ukulidla.

Angamshaya imivimbo engamashumi amane , angadluli, funa uma ebeyakudlula, amshaye imivimbo eminingi phezu kwaleyo , kuze kuthi umfowenu ahlazwe emehlweni akho.

ufele kuleyo ntaba okhuphukela kuyo , ubuthelwe kubantu bakini , njengalokho u -Aroni umfowenu wafela entabeni yaseHori , wabuthelwa kubantu bakubo,

U-Abineri wabuye wathi ku -Asaheli: Chezuka ekungilandeleni; yini ukuba ngikucekele phansi na ? Ngingaphakamisa kanjani ubuso bami ngakuJowabe umfowenu na?

Kepha yiba nomusa kumadodana kaBarizilayi wakwaGileyadi , abe khona phakathi kwabadla ngasetafuleni lakho , ngokuba enza kanjalo kimi mhla ngabalekela u-Abisalomu umfowenu.

Wathi-ke: U-Abishagi waseShunemi makanikwe ku-Adoniya umfowenu, abe ngumkakhe.

Uhlala uhleba umfowenu; unyevuza indodana kanyoko.

Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e -altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe,

Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.

Wathi kuyo: Kufike umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo , ngokuba ubuye wamthola ephilile.

Kepha simelwe ukujabula , sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile , wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.

Xwayani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele.

Mina Johane , umfowenu nomhlanganyeli kanye nani ekuhluphekeni nasembusweni nasekubekezeleni kukaJesu , ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.