Skip to Content

"umfundi"

11 occurrences in ZUL

Umfundi kaphezu komfundisi, nenceku kayiphezu kwenkosi yayo.

Kumanele umfundi abe njengomfundisi wakhe , nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu abendlu yakhe.

Umfundi kaphezu komfundisi ; kepha yilowo ophelelisiwe uyakuba njengomfundisi wakhe.

USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu;

Wayesethi kumfundi : Bheka unyoko . Kusukela kuleso sikhathi umfundi lowo wamyisa kwakhe.

Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni.

Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni;

UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela , oyena futhi wayencike esifubeni sakhe ekudleni , nowathi: Nkosi, ngubani ozakukukhaphela na?

Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye ngombono: Ananiya! Yena wathi: Ngikhona, Nkosi.

Khona wehlela eDerbe naseListra . Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe , indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki,

kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.