Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.
Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi.
Wathumela, wamngenisa. Wayebomvana enamehlo amahle , emuhle ngokubukwa. UJehova wathi: Suka umgcobe, ngokuba lona nguye.
uyakumgcoba uJehu indodana kaNimishi abe yinkosi kwa -Israyeli, umgcobe u-Elisha indodana kaShafati wase -Abela Mehola abe ngumprofethi esikhundleni sakho.