Skip to Content

"umhawu"

18 occurrences in ZUL

Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe , bamthukuthelisa ngezinengiso.

Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu , bangithukuthelisile ngamaze abo ; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe , ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.

UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova , bamvusela umhawu naphezu kwakho konke ababekwenzile oyise ngezono zabo abazenzayo.

Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama , kepha umhawu ungukubola kwamathambo.

Umhawu ka-Efrayimi uyakusuka, nabacindezela uJuda bayakunqunywa; u- Efrayimi akayikuba namhawu ngoJuda, noJuda kayikucindezela u-Efrayimi.

Wayeselula kungathi isandla , wangibamba ngesihluthu sekhanda lami ; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu , wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema esivalweni sesango legceke elingaphakathi elibheke ngasenyakatho , lapho kwakukho na isihlalo sesithombe somhawu , esibanga umhawu.

Ngiyakuqeda ukufutheka kwami kuwe, umhawu wami usuke kuwe , ngibe nokuthula, ngingabe ngisacunuka.

Ngiyakubeka kuwe umhawu wami , bakuphathe ngokufutheka , basuse ikhala lakho nezindlebe zakho , abaseleyo bakho bawe ngenkemba ; bayakuthatha amadodana akho amadodakazi akho, abaseleyo bakho badliwe ngumlilo.

Kwase kusuka umpristi om khulu nabo bonke ababe naye abangabehlelo labaSadusi, bagcwala umhawu,

Kepha abaJuda bebona izixuku bagcwala umhawu , bakuphika okwakukhulunywa nguPawulu behlambalaza.

begcwele konke ukungalungi , nokonakala, nesangabe, nobubi; begcwele umhawu, nokubulala, nokuphikisana, nenkohliso, nobuqili, nokuhleba;

Kepha ngithi : U-Israyeli wayengaqondi na ? Kuqala, uMose uthi : Mina ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe , nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.

Ngakho ngithi : Bakhubeka ukuba bawe na ? Qha nakanye ; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu.

ukuba mhlawumbe ngingabavusela umhawu abenyama yami , ngisindise abanye kubo.

ngokuba niseyibo abenyama . Ngokuba uma kusekhona pha kathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?

Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.

ukhukhumele lowo engaqondi lutho , kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu , nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi,

ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.