UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva , wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu.
Kepha sekuzakuvela ukusa ngangomuso uNkulunkulu walungisela impehlwa; yawuphehla umhlakuva, wabuna.
Wayesethi uJehova : Wena wawuhawukela umhlakuva ongawukhandlekelanga nongawukhulisanga , owamila ebusuku bunye , wabhubha ebusuku bunye;