"umkakhe"
59 occurrences in ZUL
UKayini wamazi umkakhe ; wakhulelwa, wazala u -Enoke. Wakha umuzi , wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe.
U-Adamu wabuye wamazi umkakhe ; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti , ethi: UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika - Abela, njengokuba uKayini umbulele.
U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe , noLoti indodana yomfowabo , nempahla yonke ababeyibuthile , nezinceku ababezitholile eHarana ; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani. Ukufika kuka-Abrama eKhanani
Kwathi esasondela ukungena eGibithe , wathi kuSarayi umkakhe: Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.
U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe : Ungudadewethu. Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.
U-Abimeleki wayesethatha izimvu , nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, wazipha u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe.
Emva kwalokho u -Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kweMamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani.
U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova , ngokuba wayeyinyumba ; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa.
Kwathi esehlale khona isikhathi eside , u-Abimeleki inkosi yamaFilisti walunguza efasiteleni , wabona; bheka, u-Isaka wayetekula noRebeka umkakhe.
lapho bembela o -Abrahama noSara umkakhe ; lapho bembela o -Isaka noRebeka umkakhe; lapho ngembela uLeya;
UMose wayesethatha umkakhe namadodana akhe , wabakhwelisa embongolweni, wabuyela ezweni laseGibithe ; uMose waphatha induku kaNkulunkulu ngesandla sakhe.
Nxa umuntu ethatha umfazi omus ha, akayikuphuma impi, anganikwa futhi umsebenzi noma yimuphi ; uyakuhlala ekhululekile ekhaya umnyaka , athokozise umkakhe amthathileyo. Izibambiso
Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali.
UManowa wasukuma wamlandela umkakhe , wafika kulowo muntu , wathi kuye: Wena ungumuntu lowo owakhuluma kowesifazane na ? Wathi: Nginguye.
Kepha umkakhe wathi kuye: Uma uNkulunkulu ebethanda ukusibulala, nga engamukelanga esandleni sethu umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, futhi nga engasibonisanga konke lokho , nga engasitshelanga izinto njengalezi.
Kodwa kwathi emva kwesikhathi, ngesikhathi sokuvuna ukolweni, uSamsoni wahambela umkakhe enezinyane lembuzi ; wathi: Ngiyakungena kumkami ekamelweni. Kepha uyise kavumanga ukuba angene.
AmaFilisti ayesethi : Ngubani okwenzile lokho na ? Bathi: NguSamsoni, umkhwenyana wowaseThimna , ngokuba yena uthathe umkakhe , wamnika umngane wakhe. AmaFilisti akhuphuka, amshisa yena noyise ngomlilo.
nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona , anophuma ezivinini , nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.
Kuyakuthi lapho oyise noma abanewabo befika ukuphikisana nathi , sithi kubo: Sinikeni wona ngomusa, ngokuba asithathanga, kwaba yilowo nalowo umkakhe empini, futhi anibanikanga wona; khona ngabe nitholile icala.
Kwathi ngosuku u -Elkana ahlaba ngalo , wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana akhe namadodakazi akhe izabelo;
Bavuka ekuseni kakhulu , bakhuleka phambi kukaJehova , babuya, bafika endlini yabo eRama ; u-Elkana wamazi uHana umkakhe , uJehova wamkhumbula.
Kwathi ekuseni, lapho iwayini seliphumile kuNabali , umkakhe wamtshela lezo zinto, inhliziyo yakhe yafa phakathi kwakhe, waba njengetshe.
Udeleleleni izwi likaJehova ukuba wenze okubi emehlweni akhe na ? Ubulele u -Uriya umHeti ngenkemba , wathatha umkakhe abe ngumkakho , wambulala ngenkemba yabantwana bakwa-Amoni.
UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe , wangena kuye, walala naye; wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uSolomoni . UJehova wamthanda.
Kepha kwase kufika kuye u -Izebeli umkakhe , wakhuluma kuye , wathi: Uhlunameleni umoya wakho ukuba ungadli lutho na?
Wayesethi kuye u-Izebeli umkakhe: Manje, nguwe ophethe umbuso wakwa - Israyeli na? Vuka udle, inhliziyo yakho ithokoze; mina ngiyakukunika isivini sikaNaboti waseJizreyeli.
Kepha akubangakho onjengo -Ahabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa ngu-Izebeli umkakhe.
UKalebi indodana kaHesironi wazala ku -Azuba umkakhe nakuJeriyoti ; amadodana akhe: ngoJesheri, noShobabi, no-Aridoni.
Umkakhe umJudakazi wazala uJeredi uyise kaGedori , noHebere uyise kaSoko, noJekuthiyeli uyise kaZanowa. Kepha abanye babe ngamadodana kaBithiya indodakazi kaFaro eyathathwa nguMeredi.
Amadodana kaManase : ngu-Asiriyeli owamzalelayo umkakhe ; isancinza sakhe umAramukazi sazala uMakiri uyise kaGileyadi.
Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye : Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu , ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo , besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini . Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.
UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kon ke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe : Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda , awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.
Kepha mina ngithi kini : Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo uyaphinga.
Namanje ngithi kini : Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga , aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga.
bathi: Mfundisi, uMose wathi : U ma umuntu efa engen abantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa : owokuqala waganwa , wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo.
Esahlezi esihlalweni sokwahlulela , umkakhe wathumela kuye , wathi: Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo ; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.
Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi mntwana, umfowabo makamthathe umkakhe , amvusele umfowabo inzalo.
Kepha emva kwalezo zinsuku u -Elisabethe umkakhe wakhulelwa, wazifihla izinyanga eziyisihlanu, wathi:
Yilowo nalowo olahla umkakhe , aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliwe yindoda uyaphinga. Isicebi noLazaru
Wathi kubo : Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu , noma umkakhe, noma abafowabo, noma abazali, noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu,
bambuza bathi: Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi , uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana , umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
Wafumana khona umJuda oth ile ogama lakhe lingu -Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e -Italiya, enoPrisila umkakhe , ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma ; weza kubo;