UNkulunkulu wathi : Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi , kwahlukaniswe amanzi namanzi.
UNkulunkulu wenza umkhathi , wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba njalo.
UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu . Kwaba ngukuhlwa , kwaba ngukusa, usuku lwesibili.
Ekulungiseni kwakhe izulu ngangikhona, nasekudwebeni kwakhe umkhathi ebusweni botwa.
Phezu kwamakhanda ezidalwa kwakukhona kungathi umkhathi unjengekristalu elimangalisayo, owenekwe phezu kwamakhanda azo phezulu.