"umkhosi"
48 occurrences in ZUL
Ngasemuva oMose no -Aroni bafika , bathi kuFaro : Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe , bangenzele umkhosi ehlane.
Niyakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo , ngokuba ngalona lolo suku ngikhiphile amabandla enu ezweni laseGibithe ; ngalokho anogcina lolu suku ezizukulwaneni zenu zonke ngokomthetho waphakade.
Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo , ngolwesikhombisa kube khona umkhosi kaJehova.
Uzakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo , udle isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa , njengalokho ngakuyala , ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka -Abibi, ngokuba waphuma ngayo eGibithe, kungabonakali muntu phambi kwami ongaphethe lutho,
U-Aroni wakubona , wakha i -altare phambi kwalo ; u-Aroni wamemezela wathi: Kusasa kuzakuba khona umkhosi kaJehova.
Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina . Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa , njengalokho ngakuyala , ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka -Abibi, ngokuba ngenyanga ka -Abibi waphuma eGibithe.
Uyakugcina umkhosi wamasonto , owolibo lukakolweni ovuniweyo , nomkhosi wokuvuna ngasekupheleni komnyaka.
Kepha ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa, lapho senibuthile izithelo zezwe , anogcina umkhosi kaJehova izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lokuqala makube ngukuphumula okuzothileyo , nangosuku lwesishiyagalombili kube ngukuphumula okuzothileyo.
Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili , amakamu asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo.
Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo , khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo , nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.
Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele ; ningasebenzi msebenzi , nimgcinele uJehova umkhosi izinsuku eziyisikhombisa,
UMose wabathuma empini , kwaba yinkulung wane kuleso naleso sizwe , bona noFinehasi indodana ka -Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.
Uyakugcina umkhosi wamasonto kuJehova uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle wesandla sakho , oyakusinika njengokubusisa kukaJehova uNkulunkulu wakho,
Wogcina umkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa emva ko kuba usubuthile okwesibuya sakho nokwesikhamo sakho sewayini,
Izinsuku eziyisikh ombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.
Baya endle , bavuna izivini zabo , banyathela imivini , bagubha umkhosi , bangena endlini kankulunkulu wabo , badla, baphuza, bamqalekisa u - Abimeleki.
Athi: Bheka, kukhona umkhosi kaJehova iminyaka ngeminyaka eShilo elingasenyakatho kwaseBethele ngasempumalanga komendo okhuphuka eBethele uya eShekemi nangaseningizimu kwaseLebona.
UDavide wavuka ekuseni kakhulu , washiya izimvu kumlindi , wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho ; wafika enqabeni yezinq ola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi.
USolomoni wagubha -ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u -Israyeli enaye, ibandla elikhulu , kusukela ekuyeni eHamati kuze semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane.
UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda , wenyukela e - altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo ; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo.
Wayesenikela e -altare alenzileyo ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, inyanga abeyinqumile ngokwakhe nje ; wenzela abantwana bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-altare ukushisa impepho.
USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi izinsuku eziyisikhombisa, wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu kakhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni waseGibithe.
Futhi bhekani , uNkulunkulu unathi , uyinhloko yethu , kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani ; bantwana bakwa -Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo , ngokuba aniyikuphumelela.
Kwabuthana eJerusalema abantu abaningi ukuba bagubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngenyanga yesibili, ibandla elikhulu kakhulu.
Abantwana bakwa-Israyeli ababe khona eJerusalema bawugubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza okukhulu; amaLevi nabapristi bamdumisa uJehova imihla ngemihla ngezinto zokubethwa ezizwakalayo kuJehova.
Bethani icilongo eSiyoni , nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni , ngokuba luyeza usuku lukaJehova , ngokuba lusondele;
Bagcina umkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo , banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla ngomumo njengokomthetho nanjengokwesiyalezo sezinsuku ngezinsuku,
bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yase-Asiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.
Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe. Umkhosi wamadokodo
Wafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu imihla ngemihla kus ukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku l okugcina. Bagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kwakungumhlangano ozothileyo njengomthetho.
Ngalokho abaJuda basemaphandleni ababehlezi emizaneni engabiyelwe benza usuku lw eshumi nane lwenyanga ka -Adari lube ngolokuthokoza nolwedili nosuku oluhle nolokuthumelana izipho omunye komunye. Umkhosi wePhurimi
Ngiyakukhumbula lokhu , ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami , njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkul u ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.
UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.
Niyakuhlabelela njengasebusuk u lapho kugujwa umkhosi , nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshing o kuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.
Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wemp i ngeRaba labantwana bakwa -Amoni; liyakuba yincithakalo, imizi yalo ishiswe ngomlilo , u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe, usho uJehova.
Ngenyanga yokuqala , ngosuku lweshumi nane lwenyanga , niyakuba nephasika, umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa , kudliwe isinkwa esingenamvubelo.
Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo.
Uma umndeni waseGibithe ungakhuphuki uze ufike , ayiyikuba naphezu kwawo; kepha kuyakuba khona ukushaywa uJehova ayakushaya ngakho izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.