Skip to Content

"umkhuleko"

50 occurrences in ZUL

Ifu likaJehova laliphezu kwabo emini, lapho besuka ekamu. Umkhuleko kaMose

Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide. Umkhuleko kaDavide

Mawubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo , Jehova Nkulunkulu wami , uzwe ukukhala nokukhuleka inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla

ukuba amehlo akho avulekele le ndlu ubusuku nemini , indawo owathi ngayo: Igama lami liyaku ba khona lapho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.

bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u -Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yasenhliziyweni yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,

mawuzwe wena ezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume.

mawuzwe wena ezulwini , indawo yakho yokuhlala , umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume,

UJehova wathi kuye: Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami ; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade ; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke.

Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa onke amazw i kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe , ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo ; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.

Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo , uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.

Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide. Umkhuleko kaDavide

Mawubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo , Jehova Nkulunkulu wami , uzwe ukukhala nokukhuleka , inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla,

ukuba amehlo akho avul ekele le ndlu ubusuku nemini , indawo owasho ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho , uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.

bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukun xusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u -Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yakhe nosizi lwakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,

mawuzwe wena ezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume.

mawuzwe wena ezulwini , indawo yakho yokuhlala , umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume, uthethelele abantu bakho abonile kuwe.

Ngalokho, Nkulunkulu wami , amehlo akho mawavulekele , nezindlebe zakho maziwulalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.

UJehova wabonakala kuSolomoni , wathi kuye : Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo.

Manje amehlo ami ayakuvuleka , izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.

Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe , nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.

ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa -Israyeli esone ngazo kuwe ; yebo, nami nendlu kababa sonile.

Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho , uhlahlamelise inceku yakho namuhla , uyinike umusa emehlweni alo muntu . Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.

Ngiphendule ekukhaleni kwami , Nkulunkulu wokulunga kwami . Ekucindezelweni wangenzela indawo ; yiba nomusa kimi , uzwe umkhuleko wami.

uJehova uzwile ukunxusa kwami, uJehova uyamukela umkhuleko wami.

Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila; umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla; umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.

Yizwa umkhuleko wami , Jehova, ulalele ukumemeza kwami ; ungathuli ngezinyembezi zami , ngokuba ngingumfokazi kuwe ; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.

Nkulunkulu, yizwa umkhuleko wami , ubeke indlebe emazwini omlomo wami.

Lalela, Nkulunkulu, umkhuleko wami, ungazifihli ekunxuseni kwami.

Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami, ulalele umkhuleko wami.

Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.

Kodwa mina , umkhuleko wami ukuwe Jehov a esikhathini sokuzwelwa , Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhul u ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho.

Jehova Nkulunkulu Sebawoti , yizwa umkhuleko wami , ubeke indlebe , Nkulunkulu kaJakobe. Sela

Umkhuleko wa mi mawufike ebusweni bakho , indlebe yakho uyibeke ekunxuseni kwami.

Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe; ekuseni umkhuleko wami uyenyuk a phambi kwakho.

Jehova, yizwa umkhuleko wami; ukukhala kwami makufinyelele kuwe.

wanaka umkhuleko wabangenalutho, engawudeleli umthandazo wabo.

Ekwahlulelweni kwakhe makalahlwe yicala ; umkhuleko wakhe mawube yisono.

Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho , nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.

Olungileyo makangishaye , kungumusa kimi ; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi , ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona.

Jehova, yizwa umkhuleko wami , ubeke indlebe ekuncengeni kwami ; ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.

Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova , kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.

Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase -Asiriya, inkosi yakhe , ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo ; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.

Hamba, uthi kuHezekiya : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.

Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa, uyavalela umkhuleko wami.

Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu k wendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.

Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami , ngamkhumbula uJehova; umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.

Umkhuleko kaHabakuki umprofethi; ngeShigiyonoti.

UKorneliyu wathi : Ngezinsuku ezine ezidlule ngaleli hora bengenza umkhuleko wehora lesishiyagalolunye endlini yami ; bheka, indoda eyembethe ingubo ekhazimulayo yema phambi kwami,

Umkhuleko wokukhol wa uyakumsindisa ogulayo , iNkosi imvuse ; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.

Ngakho, vumani izono omunye komunye , nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.