Ngalokho umkhulu , Nkosi Jehova , ngokuba akakho onjengawe , akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.
Ngokuba umkhulu wena , uyenza izimangaliso , unguNkulunkulu wena wedwa.
Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Jehova Nkulunkulu wami , umkhulu, wembethe udumo nobukhosi;
Akakho onjengawe Jehova; umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.
Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo , waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?
Wena umkhulu yini kunobaba u -Abrahama osewafa na ? Nabaprofethi sebafa. Uzenza bani na?