UJesu wayesethi enduneni yekhulu: Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho. Umfana wasinda ngaso leso sikhathi. Umkhwekazi kaPetru nabanye abagulayo bayaphulukiswa (Mark. 1:23; Luk. 4:31)
UJesu wayesengena endlini kaPetru , wabona umkhwekazi wakhe elele phansi enomkhuhlane.
Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye.
Wasuka esinagogeni , wangena endlini kaSimoni . Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane omkhulu; bamnxusa ngaye.