"umkushe"
11 occurrences in ZUL
Wayesethi uJowabe kumKushe : Hamba, uyitshele inkosi okubonileyo . UmKushe wamkhothamela uJowabe, wagijima.
U-Ahimahasi indodana kaSadoki wabuye wathi kuJowabe : Noma kanjani, ake ngigijime nami , ngimlandele umKushe . Kepha uJowabe wathi : Uyakugijimelani wena mntanami , lokhu kungekho mvuzo wombiko kuwe , na?
Wathi: Noma kanjani, ake ngigijime. Wathi kuye: Gijima. Wayesegijima u- Ahimahasi ngendlela yasethafeni, wamdlula umKushe.
Bheka, wayesefika umKushe; umKushe wathi: Ngumbiko, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.
Inkosi yathi kumKushe : Isahlezi kahle insizwa u -Abisalomu na? UmKushe wathi: Izitha zenkosi yami , inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza mababe njengaleyo nsizwa.
Kwaphuma ukulwa nabo uZera umKushe enempi eyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinqola ezingamakhulu amathathu, wafika eMaresha.
UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe , nengwe amabala ayo, na? Khona ningenza okuhle nina enifundisiwe ukwenza okubi.
U-Ebedi Meleki umKushe , umthenwa, owayesendlini yenkosi , esezwile ukuthi bamfake uJeremiya emgodini , inkosi ihlezi esangweni lakwaBenjamini,
Inkosi yayisimyala u -Ebedi Meleki umKushe , ithi: Thatha lapha abantu abangamashumi amathathu, uhambe nabo, umkhiphe uJeremiya umprofethi emgodini, engakafi.