Skip to Content

"umlevi"

14 occurrences in ZUL

Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose ; wathi: Akakho umfowenu u- Aroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena . Futhi bheka , uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona , uyakuthokoza enhliziyweni yakhe.

Uma umLevi engahlengi , indlu okwathengiswa ngayo nomuzi wefa lakhe kuyakuphuma ngejubili, ngokuba izindlu zemizi yamaLevi ziyifa lawo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

Xwaya ukuba ungameyisi umLevi isikhathi sonke sokuhlala kwakho ezweni lakho.

Uma umLevi evela noma kuliphi isango kwa -Israyeli wonke , lapho egogobele khona, afike ngaso sonke isifiso somphefumulo wakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha,

UMika wayesahlukanisela umLevi , leyo nsizwa yaba ngumpristi wakhe , yahlala endlini kaMika.

UMika wayesethi kuye : Hlala kimi , ube ngubaba nompristi wami , ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka , nesambatho, nokudla kwakho. UmLevi wangena.

UmLevi wavuma ukuhlala kulowo muntu ; nensizwa yaba kuye njengendodana yakhe.

Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa - Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.

UmLevi, umyeni wowesifazane ow ayebulewe, waphendula wathi : Ngafika eGibeya lakwaBenjamini, mina nesancinza sami, ukulala khona.

Kwase kufika uMoya kaJehova phezu kukaJahaziyel i kaZakariya kaBenaya kaJehiyeli kaMathaniya umLevi, emadodaneni ka-Asafa phakathi kwebandla,

Base bengenisa iminikelo , nokweshumi, nezinto ezingcwele ngokuthembeka; uKhonaniya, umLevi, waba ngumphathi walokho; uShimeyi umfowabo waba ngowesibili.

UKore, indodana kaJimna umLevi , umlindisango wasesangwe ni lasempumalanga, wayephethe iminikelo yesihle kaNkulunkulu ukuba abele iminikelo kaJehova nezinto ezingcwele.

UJonathani, indodana ka-Asaheli, noJahazeya indodana kaThikiva kuphela bamelana nalokho; oMeshulamu noShabethayi umLevi babasiza.

Kwathi uJosefa owathiwa ngabaphostoli uBarnaba , okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro ngokuzalwa,