Skip to Content

"umlindi"

19 occurrences in ZUL

Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; konke ezazikwenza khona nguyena owayekwenza.

Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe , ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.

UDavide wayehlezi emkhathini wamasango omabili; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni , waphakamisa amehlo akhe , wabheka, nanguya umuntu egijima eyedwa.

Umlindi wamemeza , wayitshela inkosi . Yathi inkosi : Uma eyedwa , unombiko emlonyeni wakhe. Wayelokhu esondela njalo.

Umlindi wayesebona omunye umuntu egijima ; umlindi wabiza umlindisango, wathi: Bheka, omunye umuntu ugijima eyedwa . Inkosi yathi: Naye uletha umbiko.

Umlindi wayesethi : Ngibona kungathi ukugijima kowokuqala kunjengokugijima kuka -Ahimahasi indodana kaSadoki . Yathi inkosi : Ngumuntu omuhle yena; uletha umbiko omuhle.

Umlindi owayemi embhoshongweni waseJizreyeli wabona iviyo likaJehu lisafika, wathi: Ngibona iviyo . UJoramu wathi : Zithathele owehh ashi umthume ukubahlangabeza ngokuthi: Kusahleziwe kahle na?

Owehhashi wayesehamba ukumhlangabeza , wathi: Isho kanje inkosi , ithi: Kusahleziwe kahle na ? UJehu wathi : Unandabani nokuhlala kahle na ? Buyela emva kwami . Wayesebika umlindi , ethi: Isithunywa safika kubo , kepha asibuyanga.

Umlindi wabika wathi : Sifikile kubo , kepha asibuyi ; ukuqhuba kufana nokuqhuba kukaJehu indodana kaNimishi ; ngokuba uqhuba kungathi uyahlanya.

Emva kwabo kwalungisa uSadoki indodana ka -Imeri malungana nendlu yakhe. Emva kwakhe kwalungisa uShemaya indodana kaShekaniya , umlindi weSango langaseMpumalanga.

Uma uJehova engayakhi indlu , basebenzela ize abayakhayo ; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.

Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.

Umlindi wathi : Kuyeza ukusa , kepha kuse sebusuku. Uma nithanda ukubuza, buzani; buyani nize. Isiprofetho nge-Arabiya

Ndodana yomuntu , ngikwenze umlindi kuyo indlu yakwa -Israyeli; ngalokho yizwa izwi emlonyeni wami, ungixwayisele bona.

Ndodana yomuntu, khuluma kubantwana babantu bakho, uthi kubo: Lapho ngehlisela phezu kwezwe inkemba , abantu bezwe bese bethatha umuntu phakathi kwabo, bambeke umlindi wabo,

Kepha uma umlindi ebona inkemba yehla , angabethi icilongo , abantu bangaxwayi, bese yehla inkemba, isuse umuntu kubo , uyasuswa ngenxa yobubi bakhe kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.

Wena-ke, ndodana yomuntu, ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwa -Israyeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi.

Ngabona emibonweni yekhanda lami ngisembhedeni wami , bheka, nango umlindi ongcwele ehla ezulwini.

Njengalokho inkosi yabona umlindi ongcwele ehla ezulwini , ethi: Gawula umuthi, uwuchithe, kepha shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi , ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasendle , kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwaso,