Skip to Content

"umlotha"

17 occurrences in ZUL

Base bethatha umlotha waseziko , bema phambi kukaFaro ; uMose wawusakazela ngasezulwini, waphenduka amathumba aqhamuka nezilonda kubantu nasezinkomeni.

Wenze izitsha zalo zokususa umlotha walo , namafosholo alo, nezitsha zalo, nezimfoloko zalo , nemicengezi yalo yomlilo , uzenze zonke izinto zalo ngethusi.

yebo, yonke inkunzi uyakuyikhiphela ngaphandle kwekamu , ayiyise endaweni ehlambulukileyo lapho uthululwa khona umlotha.

Umpristi uyakwembatha isambatho selineni , afake nebhulukwe lakhe lelineni emzimbeni wakhe , asuse umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-altare, awuthele ngaseceleni kwe-altare.

Abesekhumula izambatho zakhe , embathe ezinye izambatho , akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu endaweni ehlambulukileyo.

Bayakususa umlotha e-altare, bendlale kulo indwangu ebubende,

Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole , awubekele ngaphandle kwekamu endaweni ehlambulukileyo , ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli kube ngamanzi okuphothula ; kungumnikelo wesono.

Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe , abe ngongcolile kuze kuhlwe ; kuyakuba yisimiso esiphakade kubantwana bakwa -Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.

Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono , namanzi agobhozayo ayakuthelwa kanye nawo esitsheni,

Wabanika isiboniso ngalolo suku , wathi: Yilesi esiyisiboniso uJehova akhulume ngaso sokuthi : Bheka, i-altare liyakudatshulwa , umlotha ophezu kwalo uchithwe.

I-altare ladabuka , umlotha we -altare wachitheka e -altare njengesiboniso asinikile lowo muntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova.

Inkosi yayisiyala uHilikiya umpristi omkhulu , nabapristi besigaba sesibili , nabalindimnyango ukukhipha ethempelini likaJehova zonk e izinto ezazenzelwe oBali , no-Ashera, nebandla lonke lasezulwini , yazishisa ngaphandle kweJerusalema emasimini aseKidroni , yayisa umlotha wazo eBethele.

Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa , nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.

Udla umlotha ; inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile ; akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi : Akukho yini amanga kwesokunene sami na? Intokozo ngokuhlengwa kuka-Israyeli

Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangembesa umlotha.

Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungil e ungcolisile izindlu zakho ezingcwele ; ngase ngiphum isa umlilo phakathi kwakho , wakuqeda; ngakwenza umlotha emhlaben i emehlweni abo bonke abakubonayo.

nemizi yaseSodoma neGomora wayahlulela wayichitha ngokuyiphendula umlotha, eyenza ibe yisiboniso kubo abangayikumesaba uNkulunkulu;