Skip to Content

"umngane"

24 occurrences in ZUL

U-Abimeleki wayeseya ku ye evela eGerari , eno-Ahuzati umngane wakhe noPikoli induna yempi yakhe.

Wayesethi kuwo: Usho njalo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Akube yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu, aye emuva , aye phambili , kusukela kwelinye isango kuze kube kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo , nalowo umngane wakhe , nalowo umakhelwane wakhe.

Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho , noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo , wena nawoyihlo,

Lapho efika uGideyoni , bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali lagingqikela ekamu lakwaMidiyani , lafika etendeni , lalishaya laze lawa , laligumbuqela, labhadalala.

Umngane wakhe waphendula wathi : Lokhu akulutho ngaphandle kwenkemba kaGideyoni indodana kaJowashi , umuntu wakwa -Israyeli; uNkulunkulu unikele esandleni sakhe uMidiyani nempi yonke.

Uyise wathi : Bengithi impela umalile nokumala ; ngalokho ngamnika umngane wakho; udadewabo omelamayo kamuhle kunaye na? Ake umthathe esikhundleni sakhe.

AmaFilisti ayesethi : Ngubani okwenzile lokho na ? Bathi: NguSamsoni, umkhwenyana wowaseThimna , ngokuba yena uthathe umkakhe , wamnika umngane wakhe. AmaFilisti akhuphuka, amshisa yena noyise ngomlilo.

USamuweli wathi kuye : UJehova uklebhul ile umbuso ka -Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.

UHushayi, umngane kaDavide, wayesengena emzini; u-Abisalomu wangena eJerusalema.

Kwathi lapho uHushayi umArki umngane kaDavide esefikile ku -Abisalomu, uHushayi wathi ku-Abisalomu: Mana njalo, nkosi; mana njalo, nkosi.

Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo , ungangeni endl ini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho ; ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude.

Obusisa umngane wakhe ngezwi elikhulu , evuka ekuseni , kuyakubalelwa kuye ukuthi kuyisiqalekiso.

Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise, kepha umngane wezifebe uchitha imfuyo yakhe.

Ngokuba uma bewa , omunye uyavusa umngane wakhe ; kepha maye kuye oyedwa lapho ewa, engenawesibili wokumvusa!

Awuxoshanga yini , Nkulunkulu wethu , abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, wanika lona inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade, na?

ongahlebi ngolimi lwakhe , ongamoni umngane wakhe , nongamhlazi umakhelwane wakhe;

oshiya umngane wobusha bakhe , akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe,

Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.

Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.

Funani encwadini kaJehova, nifunde; ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu , ayikho eyakuswela umngane wayo , ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile , nomoya wakhe okuhlanganisile.

Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: Kusekhona muntu kuwe na ? yena esephendula athi : Akusekho, khona wothi : Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.

Ningamethembi umngane , ningakholwa ngumhlobo ; gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho.

Wo komphuzisa umngane wakhe , axube nokufutheka , amdakise, ukuze abuke ubunqunu bakhe!

Ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, niyakumema, kube yilowo nalowo umngane wakhe phansi komvini naphansi komkhiwane.