Lapho uvuthuza umnqumo wakho, awuyikubukeza amagatsha, kepha akube ngokomfokazi, nokwentandane, nokomfelokazi.
Imithi yake yaya ukuzigcobela inkosi , yathi kuwo umnqumo : Yiba yinkosi yethu.
Kepha umnqumo wathi kuyo : Ngiyakuwayeka yini amafutha ami abadunyiswa ngawo onkulunkulu nabantu , ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?
UJehova wabiza igama lakh o ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle ; ngomsindo wesidumo esikhul u uyakuphemba umlilo kuwo, kwaphuke amagatsha awo.