Wayesethi kuBidikari , induna yakhe : Mthathe, umntshinge esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli, ngokuba khumbula ukuthi, lapho mina nawe sasigibela sobabili emva kuka-Ahabi uyise, uJehova wamthwesa lolu daba
lokuthi: Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe , usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova. Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.