"umntwana"
76 occurrences in ZUL
Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho,
Wakhula umntwana , waba namandla , wagcwala ukuhlakanipha ; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. Umntwana uJesu ethempelini eneminyaka eyishumi nambili
Yalivula, yabona umntwana ; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: Lona ungowabantwana bamaHeberu.
Indodakazi kaFaro yathi kuye : Hamba nalo mntwana , ungincelisele yena ; ngizakukukhokhela. Owesifazane wamthatha-ke umntwana, wamncelisa.
Ngakhulelwa bonke laba bantu yini , ngabazala, ukuze uthi kimi : Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo , ubayise ezweni owalifungela oyise, na?
Umntwana wesihlahla akanakungena ebandleni likaJehova , yebo, ongowakhe akayikungena ebandleni likaJehova kuze kube nasesizukulwaneni seshumi.
ngokuba bheka , uyakukhulelwa, uzale indodana , impuco ayiyikuthinta ekhanda layo , ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.
Kepha wathi kimi : Bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana ; ngakho ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla , ungadli lutho olungcolileyo , ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.
Owesifazane wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni ; umntwana wakhula, uJehova wambusisa.
Wenza isithem biso, wathi: Jehova Sebawoti , ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho , ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa , bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.
Kepha uHana akenyukanga , ngokuba wathi kumyeni wakhe : Hhayi aze alunyulwe umntwana ; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona njalo.
Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu , ne-efa lempuphu , nemvaba yewayini , wakuyisa endlini kaJehova eShilo ; umntwana wayesemncane.
U-Elkana waya eRama endlini yakhe . Umntwana wakhonza uJehova phambi kuka-Eli umpristi. Ububi bamadodana ka-Eli
UJehova wamhambela uHana; wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova.
Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula , waba muhle kuJehova nakubantu. Izwi lokwahlulela indlu ka-Eli
Umntwana uSamuweli wamkhonza uJehova phambi kuka -Eli. Izwi likaJehova lalingavamile ngalezo zinsuku; nombono wawuyivelakancane.
UJehova wambiza uSamuweli ngokwesithathu. Wavuka, waya ku-Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile. U-Eli wayeseqonda ukuthi nguJehova ombizile umntwana.
Wamqamba umntwana ngokuthi u -Ikabodi, ethi: Inkazimulo isukile kwa - Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa kayisezala wakhe nomyeni wakhe.
Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.
UNathani wayesebuyela endlini yakhe . UJehova washaya ngesifo umntwana owazalelwa uDavide kumka-Uriya, wagula kakhulu.
Kwathi ngosuku lwes ikhombisa umntwana wafa . Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile , ngokuba zathi : Bhekani, umntwana esezwa sakhuluma kuye , akalalelanga izwi lethu ; pho, singamtshela kanjani ukuthi umntwana ufile? Angenza ingozi.
Kepha uDavide ebona uk uthi izinceku zakhe ziyanyenyezelana , uDavide waqonda ukuthi umntwana ufile ; uDavide wayesethi ezincekwini zakhe : Usefile umntwana na? Zathi: Ufile.
Wathi-ke yena : Umntwana esekhona ngazila ukudla , ngakhala, ngokuba ngathi: Ngubani owaziyo ingabe uJehova uyakuba nomusa kimi ukuba umntwana aphile na?
Wayesekhuluma enkosini owesifazane ongowakhe umntwana ophilayo , ngokuba izibilini zakhe zavutha ngomnta nakhe, wathi: E nkosi, mnike yena umntwana ophilayo, ungambulali nakanye, kepha omunye wathi: Makangabi ngowami nangowakho; mdabuleni.
Walibiza i -altare ngezwi likaJehova , wathi: Altare, altare, usho kanje uJehova, uthi: Bheka, kuzakuzalwa umntwana kuyo indlu kaDavide , nguJosiya igama lakhe ; uyakunikela phezu kwakho ngabapristi bezindawo eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.
U-Eliya wayesethatha umntwana , wamehlisa ekamelweni eliphezulu , wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi u-Eliya: Bheka, indodana yakho isiyaphila.
UGehazi wadlulela ngaphambi kwabo , walubeka udondolo ebusweni bomntwana; akwabakho zwi nakunaka . Ngalokho wabuya ukumhlangabe za, wamtshela ukuthi: Umntwana akavukanga.
Wayesebuya, wahambahamba khona endlini, waya emuva, waya phambili; wakhuphuka, wakhothama phezu kwakhe ; umntwana w athimula kasikhombisa; umntwana wavula amehlo akhe.
Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle , izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.
Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame , kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya.
Ngokuba sizalelwa umntwana , siphiwa indodana ; umbuso uyakuba semahlombe akhe , negama lakhe liyakuthiw a uMluleki omangalisayo , uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
Umntwana oncelayo uyakudlala ngasemgodini webululu , olunyuliweyo elulele isandla sakhe esiseleni sikamantshingeyana.
Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelay o ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Seziyizwile inkosi , zamuka; bheka, inkanyezi ezayibona kwelasempumalanga yahamba phambi kwazo , yaze yafika yema phezu kwalapho umntwana ekhona.
Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho , ithi: Vuka uthabathe umntwana nonina , ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.
Vuka uthab athe umntwana nonina , uye ezweni lakwa -Israyeli; ngokuba sebefile ababezingela ukuphila komntwana.
Bamhleka usulu . Kepha yena wabakhipha bonke , wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye , wangena lapho kulele khona umntwana.
Wabamba umntwana ngesandla , wathi kuye: Thalitha, kumi, okungukuthi ngokuhunyushwa: Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!
Wayesemuka, waya endlini yakhe , wafumana umntwana elele embhedeni , idemoni liphumile. Isithulu esinamalimi siyaphiliswa (Math. 15:29)
Kwathi ukuba u -Elisabethe ezw e ukubingelela kukaMariya , umntwana waxhuma esiswini sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele,
Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami , umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula.
Wakhula-ke umntwana , waba namandla emoyeni ; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.
Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu , elaliqanjiwe yingelosi , engakathatshathwa esiswini. OSimeyoni no-Ana
Owesifazane, nxa esabeletha , ulusizi, ngokuba sifik ile isikhathi sakhe ; kepha nxa esembelethile umntwana , akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni.
kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa , nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. UPawulu umvusa uThimothewu ukuba aqine ekulweleni ivangeli
umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu , waziphonsa emhlabeni. Nodrako wema phambi kowesifazane obezakubeletha , ukuze kuthi nxa esebelethile, ashwabadele umntwana wakhe.