Skip to Content

"umowabi"

24 occurrences in ZUL

UMowabi wayesesaba kakhulu abantu , ngokuba babebaningi ; uMowabi waba nosizi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke , njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo . UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.

Ngiyambona, kepha kungemanje ; ngiyambheka, kodwa kun geseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSheti.

UJehova wayesethi kimi : Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni , ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libe yifa , lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti i-Ari libe yifa labo.

UMowabi wathotshiswa kanjalo ngalolo suku phansi kwesandla sakwa - Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisihiyagalombili. UShamgari

UMowabi wahlubuka kwa-Israyeli emva kokufa kuka-Ahabi.

Inhliziyo yami ikhalela uMowabi ; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora , nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.

UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela; phezu kuka -Edomi ngiphonsa isicathulo sami; yethaba ngami, Filistiya.

UMowabi uyisitsha s ami sokuhlambela ; phezu kuka -Edomi ngiphonsa isicathulo sami; phezu kweFilistiya ngiyethaba.

Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba ; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.

Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi ; bonke bayakuklewula . Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomvin i ezomileyo zaseKhiri Hareshet i nidabukile kakhulu.

Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala, azikhathaze endaweni ephakemeyo, aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze, angaphumeleli.

UMowabi uchithekile; abancane bakhe bezwakalisa ukukhala.

Nikani uMowabi amaphiko , ngokuba uyakundiza , aphume; imizi yakhe iyakuba yincithakalo, kungabikho osahlala kuyo.

UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe , uphumulile enhleseni yakhe , kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni ; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.

UMowabi uyakujabha ngoKemoshi , njengalokhu indlu ka -Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.

UMowabi ujabhile , uphelile amandla ; hhewulani, nikhale, nikwazise e - Arinoni ukuthi uMowabi uchithiwe.

Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova; uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe ngohlekwayo naye.

Ngalokho ngiyakuhhewula ngoMowabi , ngikhale ngaye wonke uMowabi , balilisele amadoda aseKhiri Heresi.

Ngalokho inhliziyo yam i ikhalela uMowabi njengemitshingo , futhi inhliziyo yami ikhalela amadoda aseKhiri Heresi njengemitshingo, ngokuba okuseleyo abakuzuzileyo kuyachitheka.

Yeka ukuphela kwakhe amandla . Hhewulani! Yeka ukufulathela kukaMowabi ngamahloni, uMowabi abe ngohlekwayo no qeda amandla kubo bonke abamzungezayo.

UMowabi uyakuchithwa, angabe esaba yisizwe , ngokuba uzikhukhumezile kuJehova.

Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi , uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela , nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.

Ngalokho, kuphila kwami , usho uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka - Israyeli, uthi: Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma , nabantwana bakwa- Amoni njengeGomora, izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade; insali yabantu bami iyakubaphanga , nabaseleyo be sizwe sami bayakudla ifa labo.