Skip to Content

"umphako"

6 occurrences in ZUL

UJosefa wayeseyala ukuba amasaka abo agcwaliswe ngamabele , kubuyiselwe imali yalowo nalowo esakeni lakhe , baphiwe umphako endleleni; kwenziwa njalo kubo.

Dabulani phakathi kwekamu, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani , ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze. Isiyalezo sikaJoshuwa ukuba izizwe zasempumalanga zisize ukunqoba izwe elingasentshonalanga kweJordani

Amalunga ethu nabo bonke abakhileyo ezweni lakithi bakhuluma kithi , bathi: Phathani ezandleni zenu umphako wendlela , niye nibahlangabeze , nithi kubo: Siyizinceku zenu; manenze isivumelwano nathi.

Abantu base bethatha umphako ngesandla sabo namacilongo abo ; bonke abanye abakwa-Israyeli wabathuma , kwabayilowo nalowo etendeni lakhe , wagcina lawo madoda amakhulu amathathu; ikamu lakwaMidiyani laliphansi kwakhe esigodini.

Wambuzela kuJehova, wamnika umphako, wamnika nenkemba kaGoliyati umFilisti.

Engakabuyi, yathi: Buyela kuGedaliya indodana ka -Ahikamu kaShafani , inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda , uhlale naye p hakathi kwabantu ; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho . Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho , yamvumela ukuba ahambe.