Ngitshelwe umbono olukhuni : umphangi uyaphanga , umchithi uyachitha . Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya; konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele.
Ndodakazi yabantu bami , bhinca indwangu yamasaka , uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa , ukukhala okumunyu , ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.