Skip to Content

"umqondo"

13 occurrences in ZUL

UMose wathi : Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, ngokuba angiyenzanga ngowami umqondo.

U-Elihu, indodana kaBa rakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi: Mina ngisemusha ngeminyaka, nina nibadala; ngalokho nganginamahloni, ngesaba ukunitshela umqondo wami.

Ngalokho ngithi: Ngizweni; nami ngiyakusho umqondo wami.

Nami ngiyakuphendula okwami, ngitshengise nami umqondo wami.

Nokho akusiwo umqondo walo , inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo , kepha kusenhliziyweni yalo ukuchitha nokunquma izizwe ezingeyingcosana.

Ngasona leso sikhathi wabuyela kimi umqondo wami , nobukhosi bami nokucwebezela kwami kwabuyela kimi , kwaba ludumo lombuso wami ; abomkhandlu bami nezinduna zami bangifuna ; ngase ngibekwa embusweni wami, ngenezelwa ubukhulu obudluleleyo.

Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.

Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama , onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.

Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?

Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.

Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyikuba nawo omunye umqondo; kepha onikhathazayo uyakuthwala ukwahlulelwa kwakhe, noma engubani.

Kepha ukudla okuqinileyo kun gokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo , sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.

ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze umqondo wakhe, ziwenze umqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.