UJehova wambheka , wathi: Hamba ngalawa mandla akho , umsindise u - Israyeli esandleni sakwaMidiyani; angikuthumanga na?
Lapho ngithi komubi: Uyakufa nokufa, bese wungamxwayisi, ungakhulumi ukumxwayisa omubi ngendlela yakhe ukuba umsindise , yena lowo omubi uyakufela ezonweni zakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.