UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: Sondela, umsukele. Yamshaya waze wafa.
Inkosi uSolo moni yatshelwa ukuthi : UJowabe ubalekele etendeni likaJehova; bheka, ungase-altare. USolomoni wayesethuma uBenaya indodana kaJehoyada ngokuthi: Hamba, umsukele.
Inkosi yathi kuye: Yenza njengokusho kwakhe, umsukele, ummbele, ukuba ususe kimi nakuyo indlu kababa igazi elachithwa ngeze nguJowabe.