Skip to Content

"umukhwe"

16 occurrences in ZUL

UMose wayalusa izimvu zikaJetiro umukhwe wakhe , umpristi wakwaMidiyani; waziqhuba izimvu , waya ngaphambili kwehlane , waze wafika entabeni kaNkulunkulu iHorebe.

Wayesehamba uMose , wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe , wathi kuye : Ake ngihambe , ngibuyele kubafowethu abaseGibithe , ngize ngibone ukuthi basekhona yini. UJetiro wathi kuMose: Hamba nokuthula.

UJetiro umpristi wakwaMidiyani , umukhwe kaMos e, wezwa konke uNkulunkulu abenzele khona oMose no -Israyeli abantu bakhe , ukuthi uJehova wayemkhiphile u-Israyeli eGibithe.

UJetiro umukhwe kaMose wathatha uSipora umkaMose , yena esekade embuyisile,

UJetiro umukhwe kaMose wafika namadodana akhe nomkakhe kuMose ehlane, lapho wayemise khona ngasentabeni kaNkulunkulu.

UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe , wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.

UJetiro umukhwe kaMose wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u -Aroni kanye nawo onke amalunga akwa -Israyeli ukuyokudla nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu. Abahluleli bamiswa kwa-Israyeli

Umukhwe kaMose esebona konke abenzela khona abantu , wathi: Kuyini lokhu obenzela khona bantu na ? Uhlalelani wedwa , abantu bonke bemi ngakuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?

Umukhwe kaMose wathi kuye: Lokhu okwenzayo akukuhle.

UMose wamvalelisa umukhwe wakhe; wasuka wabuyela ezweni lakubo.

UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli wakwaMidiyani , umukhwe kaMose: Siya endaweni ashilo ngay o uJehova , wathi: Ngiyakuninika yona. Woza wena , uhambe nathi , siyakukwenzela okuhle , ngokuba uJehova ukhulumile okuhle ngo-Israyeli.

Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda , baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase - Aradi; baya bakha nabantu bakhona.

Kepha uHebere umKheni wayezahlukanisile namaKheni , abantwana bakwaHobabi umukhwe kaMose, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se -okini laseShananimi eliseduze neKedeshi. UBaraki uyanqoba uSisera

Umukhwe wakhe, uyise wentombi, wambambezela, wahlala kuye izinsuku ezintathu; badla, baphuza, bahlala khona.

Kepha lowo muntu wasukuma nokho ukuba ahambe ; wayesemncengisisa umukhwe wakhe, wabuye walala khona.

Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe , yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe , uyise wentombi, wathi kuye : Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke ; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze , nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.