"umumo"
40 occurrences in ZUL
Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo , bonke abesilisa ngezinhloko zabo;
UJehova wathi kuMose : Bala onke amazibulo esilisa aba ntwana bakwa - Israyeli kusukela kwabanenyanga kuya phezulu , ubale umumo wamagama abo.
Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa -Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.
Nenxenye eyayiyisabelo sabaphuma impi umumo wayo wawuyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu,
Umumo wabaxhaphayo bebeka isandla emlonyeni wawungamadoda angamakhulu amathathu , kepha bonke abanye abantu baguqa ngamadolo ukuba baphuze amanzi.
Inkosi yathi kuJowabe induna yempi eyayinaye: Hamba ezizweni zonke zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba , nibale abantu ukuba ngiwazi umumo wabantu.
UJowabe wayesenika inkosi umumo wabantu ababaliweyo ; kwaba khona kwa-Israyeli amadoda anamandla ayizinkulungwane ezi ngamakhulu ayisishiyagalombili ahloma inkemba ; amadoda akwaJuda ayeyizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu. Isifo
Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo , isizwe esikhulu , esingenakubalwa, esingenakuthathwa umumo waso ngobuningi.
Amadodana kaThola : ngo-Uzi, noRefaya, noJeriyeli, noJahemayi, no- Ibisamu, noShemuweli, izinhloko zezindlu zawoyise , abakwaThola, amaqhawe anamandla ngezizukulwane zawo ; umumo wawo ngezinsuku zikaDavide wawuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu ayisithupha.
Bonke labo babe ngabantwana baka -Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise , amaqhawe akhethekileyo anamandla , izinhloko zezikhulu . Umumo wabo ubhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.
Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo : uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu ; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.
Ngokuba imihla ngemihla bafika kuDavide ukumsiza , kwaze kwaba yimpi enkulu njengempi kaNkulunkulu. Umumo wabantu abambeka uDavide inkosi eHebroni
UDavide wayesethi kuJowabe nasezinduneni zabantu : Hambani nibale u - Israyeli kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani, nilethe umumo wabo kimi ukuba ngiwazi.
UJowabe wanika uDavide umumo wabantu ababaliweyo ; wonke u -Israyeli wayeyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinkulungw ane eziyikhulu abahloma inkemba ; uJuda wayeyizinkulungwane ezingamakhulu amane namashumi ayisikhombisa.
AmaLevi abalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu; umumo wawo ngezinhloko zawo , indoda ngendoda , wawuyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesishiyagalombili.
UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu , nangezingubhu, nangamasimbali; umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje:
Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalo mbili nesishiyagalombili.
Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u -Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu.
Umumo wonke wezinhloko zawoyise , amaqhawe anamandla, wawuyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha.
UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi , onke abengaweminikelo yephasika , umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.
Nanku umumo wazo : izingqwembe ezingamashumi amatha thu zegolide , nezingqwembe eziyinkulungwane zesiliva , nawomese abangamashumi amabili nesishiyagalolunye,
bafika noZerubabele , noJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilishani, noMisipari, noBigivayi, noRehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:
abafika noZerubabele , noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRahamiya, noNahamani, noMoridekayi, noBilishani, noMisipereti, noBigivayi, noNehumi, noBahana. Abokuqala ababuya eBabele Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:
ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe mina Daniyeli nga qonda ngezincwadi umumo weminyaka elakhuluma ngawo izwi likaJehova kuJeremiya umprofethi ukuba kupheleliswe ukuchithwa kweJerusalema , iminyaka engamashumi ayisikhombisa.
Nokho umumo wabant wana bakwa -Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa , singenakubalwa; kuyakuthi esikhundleni sokuba kuthiwe kubo : Anisibo abantu bami , kuthiwe kubo: Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.
UJesu wathi : Bahlaliseni abantu . Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala phansi-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwame eziyisihlanu.
Izwi likaNkulunkulu landa , umumo wabafundi wakhula eJer usalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo. UStefanu umangalelwa emphakathini
U-Isaya umemeza ngo -Israyeli, uthi: Nokuba umumo wabantwana bakwa - Israyeli ungangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,