"umvuzo"
52 occurrences in ZUL
Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku -Abrama ngombono , lithi: Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho ; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.
ULabani wayesethi kuJakobe: Lokhu ungumfowethu, ubuzakungisebenzela ngeze na? Ngitshele ukuthi umvuzo wakho uyakuba yini na?
Wayesethi uLeya : UNkulunkulu unginikile umvuzo , lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami, waqamba igama lakhe ngokuthi u-Isakare.
Kepha uyihlo ungikhohlisile , waguqula umvuzo wami kayishumi ; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi.
Le minyaka engamashu mi amabili bengisendlini yakho ; ngakusebenzela iminyaka eyishumi nane ngamadodakazi akho omabili , neminyaka eyisithupha ngomhlambi wakho, uguqule umvuzo wami kayishumi.
Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala , achithe igazi lakhe. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho , uphiwe umvuzo opheleleyo nguJehova uNkulunkulu ka -Israyeli oze ukuba uphephele phansi kwamaphiko akhe.
Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani , ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.
umuntu owangit shela ukuthi : Bheka, uSawule ufile , ecabanga ukuthi ulethile izindaba ezinhle , ngambamba, ngambulala eSikilagi , ethi ngangiyakumnika umvuzo wezindaba zakhe;
Ngalokho ingebhe ngoJeho va mayibe phezu kwenu ; qaphelani nikwenze , ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu , nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.
Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa , kepha abafileyo abazi lutho , futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.
ongatsheleki muntu imali yakhe ukub a izale , nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.
abantu baze bathi : Impela ukhona umvuzo wolungileyo ; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.
Bhekani, iNkosi uJehova iyeza ngamandla ; ingalo yayo iyakumbusela ; bhekani, umvuzo wayo inawo, inkokhelo yayo iphambi kwayo.
Ngokuba mina Jehova ngithanda ukulunga , ngizonda ukuphanga kanye nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso , ngenze isivumelwano esiphakade nabo.
Bhekani, uJehova uyezwakal a kuze kube sekugcineni komhlaba , ethi: Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi : Bheka, insindiso yakho iyeza . Bheka, umvuzo wakhe unawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.
ububi babo nobubi bawoyise kanyekanye , usho uJehova, abashisa impepho ezintabeni, bangihlambalaza emagqumeni; ngiyakulinganisa kuqala umvuzo wabo ezifubeni zabo.
Ziyakushisa izindlu zakho ngomlilo , zikwahlulele emehlweni abesifazane abaningi, ngenze ukuba uyeke ukufeba, wena ungabe usanika umvuzo.
Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu zining i nokuthi izono zenu zinkulu, nina enicindezela abalungileyo , namukela umvuzo , nenichezukisa abampofu esangweni.
Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo , umahluleli ubhe ka umvuzo ; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.
Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini ; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.
Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini.
Ngakho-ke nxa wabela isipho , ungakhalisi icilongo phambi kwakho , njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.
Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasi nagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.
Futhi nxa nizila ukudla , ninganyukumali njengabazenzisi ; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile . Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.
Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo.
Kepha uJesu ebabheka wathi kubo : Kubantu akunakwenzeka ; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke. Umvuzo wokuzidela (Mark. 10:28; Luk. 18:28)
Ngiqinisile ngithi kini : Nomaphi lapho l iyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke , kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo , kube yisikhumbuzo ngaye. Umvuzo wokumkhaphela uJesu (Mark. 14:10; Luk. 22:3)
UJesu ebabheka wathi : Kubantu akunakwenzeka , kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke. Umvuzo wokuzidela (Math. 19:27; Luk. 18:28)
Ngiqinisile ngithi kini : Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke , kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo , kube yisikhumbuzo ngaye. Umvuzo wokumkhaphela uJesu (Math. 26:14; Luk. 22:3)
Thokozani ngalolo suku , nigxume; ngokuba bhekani , umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi.
Kepha wathi: Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu. Umvuzo wokuzidela (Math. 19:27; Mark. 10:28)
Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu. Umvuzo wokumkhaphela uJesu (Math. 26:14; Mark. 14:10)
Ovunayo wamukeliswa umvuzo , abuthe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuba ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.
ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane , basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa , bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo.
Otshalayo noniselayo bakunye , kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe.
Pho, uyini umvuzo wami na ? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli , ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho , ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini. UPawulu uyisigqila sabo bonke
Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi , ephike ngemibono yakhe , ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama,
Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.
bamukele umvuzo wokungalu ngi. Labo bathi ukutamasa emini kungukujabula; bayizisihla nezinsolo , bezitika ekukhohliseni kwabo bedla nani;