USerugi wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uNahori.
UNahori wahamba iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye , wazala uThera.
Emva kokuzalwa kukaThera uNahori wahamba iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.
Kwathi emva kwalokho kwabikwa ku -Abrahama ukuthi : Bheka, naye uMilka umzalele uNahori umfowenu abantwana:
uBetuweli wazala uRebeka ; laba abayisishiyagalombili uMilka wabazalela uNahori umfowabo ka-Abrahama.
Yathi kuyo : Indodakazi kaBetuweli indodana kaMilka , amzalela yona uNahori.