Skip to Content

"unawomi"

11 occurrences in ZUL

UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili : Hambani nibuyele , kube yilowo nalowo endlini kanina ; uJehova makanenzele umusa , njengalokho nanenza kwabafileyo nakimi.

Wayesethi uNawomi : Buyani, madodakazi ami ; nohambelani nam i na ? Ngisenamadodana ezibilinini zami ukuba abe ngabayeni benu na?

Wathi kubo : Ningangibizi ngokuthi uNawomi ; ngibizeni ngokuthi uMara , ngokuba uSomandla ungiphathe ngomunyu omkhulu.

Ngahamba ngigcwele , uJehova ungibuyise ngize ; ningibizelani ngokuthi uNawomi, lokhu uJehova efakazile ngami, uSomandla engenzele okubi, na?

Wabuya-ke uNawomi kanye noRuthe wakwaMowabi umalokazana wakhe owabuya ezweni lakwaMo wabi, bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.

UNawomi wayenesihlobo somyeni wakhe , umuntu ocebileyo , owomndeni ka-Elimeleki, igama lakhe linguBowazi.

UNawomi wathi kumalokazana wakhe : Makabusiswe nguJehova ongayekanga umusa wakhe kwabaphilileyo nakwabafileyo . UNawomi wathi kuye: Lowo muntu uyisihlobo sethu, ungowabahlengi bethu.

UNawomi wayesethi kuRuthe umalokazana wakhe: Kuhle, ndodakazi yami, ukuba uphume namantombazana akhe, ungafikelwa kwenye insimu.

UNawomi uninazala wathi kuye : Ndodakazi yami , angiyikukufunela ukuphumula ukuba kube kuhle kuwe na?

Wayesethi kuye umhlengi : UNawomi obuyile ezweni lakwaMowabi uyathengisa ngesiqephu sezwe esasingesika-Elimeleki;

UNawomi wamthatha umntwana , wamgona esifubeni sakhe , waba ngumzanyana wakhe.