Ngikhuluma iqiniso ngikuKristu , angiqambi amanga , unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele
Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo osebuthakathaka akayikududeka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe, na?
Kanjalo uma nona kubazalwane , nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, niyona kuKristu.
kangisho owakho unembeza , ngisho owalowo omunye . Ngokuba yini ukuba inkululeko yami yahlulwe ngunembeza womunye na?
Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi , siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe.
kakhulu kangakanani igazi likaKristu o wazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzi ni efileyo , ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo. UKristu ungumlamuleli wesivumelwano esisha ngegazi lakhe
enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso , okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu