Wathi uNkulunkulu kuye: Ngokuba ucele leyo nto, ungazicelelanga izinsuku eziningi, ungazicelelanga namfuyo, ungacelanga futhi ukufa kwezitha zakho , uzicelele ukwahlukanisa lokho okuzwayo ekwahluleleni,
Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni : Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho , ungacelanga ingcebo , nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo , futhi ungacelanga imihla eminingi , kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo,