Umuntu lowo kaNkulunkulu wathumela enkosini yakwa -Israyeli, wathi: Qaphela ukuba ungadluli kuleyo ndawo , ngokuba ama-Aramu aseyaphumula khona.
ngathi: Uyakufika lapha, kepha ungadluli; lapha amaza akho aziqhenyayo ayakumiswa, na?
Yixwaye, ungadluli ngayo; chezuka kuyo, udlule.
Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosini esikhundleni semifula nemifudlana ebanzi , lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini , nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo.