Ungafisi indlu yomakhelwane wakho ; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe , nencekukazi yakhe , nenkabi yakhe , nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho. Ukwesaba kwabantu
Ungafisi umfazi womakhelwane wakho ; ungafisi indlu yomakhelwane wakho, nensimu yakhe, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.
Ungadli ukudla koneso elibi, ungafisi izilovela zakhe,
Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.
Ungafisi ubusuku, lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo.
Ngakho siyakuthini na ? Umthetho uyisono na ? Qha nakanye ; kepha bengingasazanga isono , uma bekungengomthetho ; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: Ungafisi;
Ngokuba lokhu ukuthi : Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi, noma ukhona omunye umyalelo , kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi : Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.