Uyakuganwa ngumfazi , omunye umuntu alale naye ; uyakwakha indlu , ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.
Umprofethi uGadi wathi kuDavide : Ungahlali enqabeni; hamba uye ezweni lakwaJuda. Wayesesuka uDavide, wafika ehlathini laseHereti. USawule ubulala abaseNobi
Ukukhala kwakho kungakusiza ukuba ungahlali osizini , nazo zonke izikhwepha zamandla akho, na?
Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni , ungahlali esihlalweni esiphambili, funa ngabe ukhona omkhulu kunawe omenyiwe nguye,