Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kule ndawo nanizinge nihlubuka kuJehova.
Wenza isithem biso, wathi: Jehova Sebawoti , ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho , ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa , bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.
Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho , ungakhohlwa abahluphekileyo.
Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho esilwaneni ; ungakhohlwa ukuphila kwezihlupheki zakho njalo.
Ungakhohlwa izwi lezitha zakho , ukuxokozela kwabakuvukelayo okwenyukela njalonjalo.
Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,
Ndodana yami , ungakhohlwa umthetho wami , kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;