Wathi enkosini : Inkosi yami mayingangibaleli icala , futhi ungakhumbuli okubi okwenziwa yinceku yakho mhla inkosi yami , inkosi, iphuma eJerusalema, ukuba inkosi ikubeke enhliziyweni yayo.
Ungathukutheli kakhulu , Jehova, ungakhumbuli njalo ububi . Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.