Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi , ngokuba igazi lingumphefumulo ; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama.
Ungalidli; lithulule emhlabeni njengamanzi.
Ungalidli ukuba kube kuhle nakubantwana bakho emva kwakho , lapho wenza okulungile emehlweni kaJehova.