Ungafihli ubuso bakho kimi , ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela ; wena ulusizo lwami , ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.
Ungangishiyi, Jehova; Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.
Ungangilahli esikhathini sobudala, ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami,
Izimiso zakho ngiyakuzigcina; ungangishiyi nakanci.