Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti , bathi: Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka -Israyeli, ubuyele endlini yawo , ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi, ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona.
Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwabo asho ku -Ishmayeli, athi: Ungasibulali, ngokuba sinokolweni , nebhali, namafutha, nezinyosi okubekelelwe endle. Wayesebayeka, akababulalanga kanye nabafowabo.